Umnz Adrian Naidoo,ogaqele isikhundla sokuhola i-DA, kuzwelonke uthi unethemba lokuthi uzowudla umhlanganiso njengoba leliqembu lizobamba ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngempelasonto ePort Elizabeth. UNaidoo oneminyaka engu 28 ubudala ongusomabhizinisi wase-Goli, ubekhuluma enkulumeni ekhethekile neziko lezindaba lakwa SABC, uthi yize esanda kujoyina i-DA, kodwa unethemba lokuthi uzowudla umhlanganiso.
[TAKE: SB NAME: Been supporters OUTCUE: What I bring TO: 0'34" DURATION:0'34"]
Uthi selokhu aba ngumlandeli kusukela aqala ukuvota. Uthi ukhuthazeka kakhulu njengoba eseyilungu layo futhi kukhulu angakuletha kuleliqembu uma ekhethwa.